Ziningi izifo esizithola ngokofuzo kubazali bethu kanye nakogogo nomkhulu bethu. Kuncane noma akukho esingakwenza ukugwema lezi zifo.
Kodwa-ke zikhona nezifo ezisingena ngenxa yendlela esiphila ngayo.
singadli ukudla okunomsoco nalapho singayinakekeli imizimba yethu zingasingena lezi zifo.
Lezi zifo kuthiwa yizifo ezibangwa yindlela esiphila ngayo.
Leli bhukwana liqukethe ulwazi ngezinto ongazenza ukugwema lezi zifo.
Khumbula umzimba ungowakho. Impilo yakho isezandleni zakho. Ngakho zinakekele.
Ukuzinakekela thina ngokwethu.
Iningi lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika liphuza utshwala obuningi kunotshwala obuphuzwa ngumuntu ophuza ngokusendimeni emazweni ahlukene emhlabeni. Abantu abaningi babuphuza ngendlela engafanele utshwala. Abanye baphuza kakhulu abanye babuphuze njalo. Lokhu kudala izinkinga eziningi. Abanye abantu bayaxoshwa emsebenzini ngenxa yokuzinikela otshwaleni. Abanye bathi bangadakwa babe nodlame balwe namalungu omndeni, izihlobo nabangani. Abanye utshwala buyabagulisa kanti ukuqhubeka nokuphuza kungenza bashone.
Kungcono ukungabuphuzi nhlobo utshwala ngoba bunobuthi obuyingozi obungacekela phansi impilo yakho. Ukuphuza utshwala kungaba nemiphumela engemihle emndenini wakho. Ngakho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ophuzayo uphuze ngendlela enobuqotho.
Funda leli bhukwana uthole ulwazi ngokuthi uphuza kanjani ngendlela enobuqotho.
Awubheke nje Dudu, laba bantu sebekhona bazofuna utshwala obusale izolo emshadweni. Pic.
UBongi uthatha lonke isenti analo athenge ngalo utshwala kanti umndeni wakhe uyahlupheka ngoba leyo mali kumele ngabe uthenga ukudla nezingubo kukhokhelwe nabantwana esikoleni. Uyazi ngiphelelwe nawukumhlonipha. Pic.
Kungenzeka ukuthi usezinikele etshwaleni. Ngendlela engibona ngayo kungathi udinga usizo kunokuthi agxekwe. Pic.
Inkinga yokuphuza utshwala ngokweqile iyinkinga ekhungethe iNingizimu Afrika yonke. Sidinga ukufunda sifundise nabantwana bethu ukuthi utshwala buyilimaza kanjani imizimba nengqondo yethu. Kumele sikwazi ukuzilinganisela lapho siphuza futhi sifunde ukuphuza ngendlela enobuqotho. Pic.
Empeleni uBongi ubukeka njengomuntu ogulayo kanti uvama ukuhlala edangele.
Uyazi abantu bayalenza iphutha lokucabanga ukuthi utshwala buyamjabulisa umuntu, okusempeleni bukwenza ukhathazeke kakhulu ngemuva kwesikhashana futhi budale nokukhathazeka okweqile engqondweni. (Pic. 5).
Abantu abafana noBongi banenkinga yokuzinikela ngokweqile etshwaleni, le nkinga abakwazi ukuyilawula kanti badinga ukuthola usizo ngokushesha ngale kwalokho utshwala buzobabulala. (Pic. 6).
Ngenhlanhla zikhona izinhlangano esezisize abantu abaningi ababenenkinga yokuphuza utshwala ngokweqile, zabasiza ekutheni impilo yabo ibuyele kweyejwayelekile. (Pic. 7).
Ngakho umndeni nabangani bakaBongi kumele bazame ukumtholela usizo olufana nalolo ukuze baphephise impilo yakhe bambuyisele nasesimeni sokuba wubaba oqotho. (Pic. 7).
Bongi woza sikuphelezele sikuse ekhaya. (Pic. 8).
INingizimu Afrika kumele iyisukumele kusemanje inkinga yotshwala, mhlawumbe ulwazi ngokuphuza utshwala kumele lwethulwe nasezikoleni. (Pic. 8).
Igama lami nginguDudu. Sizokhuluma ngokuphuzwa kotshwala. Ukukusiza ukuthatha isinqumo ekutheni utshwala ngabe bulungile yini noma abulungile, ake sikhulume ngemiphumela yabo kumuntu.
Utshwala bungayikhinyabeza kakhulu impilo yakho. Ukuphuza kakhulu isikhathi eside kungawulimaza umzimba wakho ungaphinde ubuyele esimeni sawo.
Ukungondleki kahle: Zimbalwa izakhamzimba ezitholakala otshwaleni. Ngakho-ke kungakugulisa ukuphuza kakhulu utshwala ungabe usazinaka ngokuthola ukudla. Lokhu kwenza ukuthi ugule futhi uzizwe untekenteke.
Ukulimala kwengqondo: Utshwala benza ingqondo ithathe kancane. Ngemuva kwesikhathi eside utshwala bugcine sebuphazamisa nokusebenza kwengqondo yakho.
Isifo senhliziyo: Ukuphuza kungenza ukuthi inhliziyo yakho isebenze kanzima bese uthola ubulawa yisifo senhliziyo.
Umdlavuza: Utshwala buyawubanga umdlavuza womlomo.
Ukulimala kwesibindi: Uma uhlala njalo uphuzile, lokho kubanga ukulimala kwesibindi. Utshwala bungalimaza nobende bese uma nenkinga yesifo soshukela.
Ukungavuki kwenduku: Isitho sowesilisa sobulili asisebenzi ngendlela efanele kanti uba nobunzima ekutheni induku yakhe ime ithi mpo.
Izehlakalo eziningi zobulelesi nodlame zenzeka ngoba abantu baphuza ngokweqile. Abantu abakwazi ukuzithiba lapho bephuza.
Ezingozini eziningi zomgwaqo okufa kuzo abantu, kutholakala ukuthi ngokuvamile abashayeli abaningi basuke bephuze beqisa esilinganisweni sotshwala esivunywe ngumthetho kubashayeli.
Iningi labantu abahamba ngezinyawo elishona ezingozini lisuke liphuzile.
Ukufa nokugula okubangwa wutshwala kudla uhulumeni enkulu imali minyaka yonke. Le mali ibingasetshenziswa ngcono kwezemfundo, ezempilo nakwezezindlu.
Khumbula ukuthi iziphuzo ezehlukene zinezinga elingafani le-alkhoholi.
Ungazikhethela ukuthi yikuphi ofuna ukukuphuza kulezi phuzo.
Akumele nangelilodwa ilanga uphuze nanoma yini ongazi ukuthi inesilinganiso esingakanani se-alkhoholi kuyona. Lokho kungaba yingozi enkulu!
ukuphuza nje ngoba uzijabulisa futhi uphuze ungeqi esilinganisweni samayunithi amabili e-alkhoholi ukungaphuzi zonke izinsuku, ngamanye amazwi akungabi wumkhuba wakho ukuphuza ungazixubi iziphuzo zakho. Phuza uhlobo olulodwa lotshwala ngesikhathi ungaphuzi bese ushayela noma uhambe egwaqeni.
Ngemuva kweyunithi eyodwa ukuya kwamabili: Ukhuluma kakhulu ungathuli, ukushaya kwenhliziyo kuyakhuphuka.
Ngemuva kwamayunithi amathathu: Indlela oshayela ngayo yimbi kakhulu, awukwazi ukwenza izinqumo ngokushesha kanti kokunye ungazizwa unenzululwane.
Ngemuva kwamayunithi amahlanu: Kungenzeka ungaboni kahle; uma ukhuluma uyanensa; awukwazi ukwenza utho ngokushesha.
Ngemuva kwamayunithi angu-8: Awusakwazi ukuhamba uqonde futhi kuba sengathi uyawa; izinto uzibona zimbili ibe iyodwa.
Ngemuva kwamayunithi ayi-15 ukuya kwanga-20: Uyajuluka kakhulu kanti kokunye ungaze uquleke.
Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi akumele uphuze weqise kumayunithi amabili. Amayunithi amathathu enza kube noguquko ekuziphatheni kwakho wehluleke nokuthatha izinqumo ngokushesha.
Ungalokothi uphuze utshwala uma...
Ungavumi abantu bagcwalise ingilazi yakho ngaphambi kokuba uyiqede. Uzogcina ungazi ukuthi usuphuze kangakanani.
Musa ukuxuba utshwala obuphuzayo.
Phuza kancane. Ngaphambi kokuba uphuze ingilazi elandelayo yotshwala phuza ingilazi yamanzi. Lokhu kuzokwenza ukuthi linciphe izinga lokuphuza kwakho.
Qiniseka ukuthi udlile ngaphambi kokuphuza. Ungaphuzi utshwala uma ungakaze udle lutho.
Musa ukushayela kumbe uhambe ngezinyawo. Zama ukuthola into yokuhamba ezokubeka ekhaya.
Ungavumi kube nomuntu okuphoqa ukuba uphuze uma ungathandi.
Impilo yabantu abasha ingaguquka ibe nezinkinga ngenxa yokuphuzwa ngendlela engafanele kotshwala. Abanye ungabathola benabazali abazinikele otshwaleni. Abantu abasha ungathola ukuthi kokunye kwabona bayaphuza. Lokhu akuwakhi umndeni othokozile. Siyadinga ukuvikela abantwana bethu eziphuzweni ezidakayo.
Umzali ophuzayo angawudalela izinkinga umndeni wakhe. Angabuya ekhaya edakiwe afike alwe namalungu omndeni wakhe. Umzali ohlala ephuzile angasebenzisa yonke imali yomuzi wakhe ethenga utshwala. Lokhu kushiya umndeni ungenayo imali yokuthenga ukudla, izingubo zokugqoka, kwenze isimo sasekhaya singabi sihle nomndeni ungaphili impilo ejabulisayo.
Indlela yabantu abasha yokuziphatha iyaguquka uma behlala nabazali abazinikele otshwaleni.
Bafunda ukungabethembi abantu abadala.
Abayivezi imizwa yabo futhi bayazifihla izinkinga zabo bangazitsheli muntu.
Bangaqala ukuphuza utshwala basebenzise nezidakamizwa ukuzama ukuqhelisa ingcindezi.
Bahlala ngokubesaba abazali babo.
Bayaye bacabange ukuthi bayimbangela yokuziphatha kwabazali ngalokho bahlale njalo bezibona benecala.
Uma uhlala nomuntu ophuza kakhulu bheka lezi mpawu emndenini wakho.
ukuthi akubona bodwa abanalenkinga - bakhona abanye abaningi abanezinkinga ezifanayo.
bona bebodwa angeke bakwazi ukusiza abazali babo.
akubona abenze ukuthi abazali bazifakeni enkingeni yotshwala.
bakhona abantu abangaxoxa nabo ngale nkinga!.
Uma abantu abasha bengafuni ukuxoxa nomunye oyilungu lomndeni, bangakhuluma nodokotela, umhlengikazi, uthisha noma umngani bonke okungabantu abangabanikeza usizo.
Abantu abasha umkhuba wokuphuza bafunda ngawo kumalungu omndeni nakubangani. Uma ungumzali uyadinga ukuthi uxoxe nezingane zakho ngobubi botshwala nemiphumela yabo. Abantu abasha bazofuna ukuzizwela ukuthi benzana njani, ngakho wena njengomzali uyadinga ukwakha leso simo esibanika ithuba lokuxoxa nawe ngokuphuza utshwala..
Fundisa izingane zakho ukuthi zingaze nje ziqale kwakuphuza utshwala. Uma ziphuza iziphuzo ezidakayo, zifundise ukuphuza ngendlela ephephile nenobuqotho. Lokhu kuzobasiza ekutheni bathathe izinqumo ezilungile nezifanele.
Wazi kanjani ukuthi umuntu unenkinga yotshwala?
Ziningi izindlela ongabona ngazo. Ngizokusiza ekutheni uthole ukuthi umuntu ngabe unayo yini inkinga yotshwala. Lokhu sizokwenza ngokusebenzisa ishadi elingezansi. Bheka imibuzo eseshadini. Beka uphawu kuzimpendulo ezifanele. Kungenzeka ungazazi izimpendulo zeminye yemibuzo, kodwa zama ukuthola ukuthi uyafisa yini ukumsiza.
Mhlawumbe bakhona abantu ocabanga ukuthi banenkinga yotshwala. Ngaphandle uma unesiqiniseko sokuthi banenkinga yokulawula umkhutshana wokuphuza, angeke ukwazi ukubasiza. Umbuzo uthi  Wazi kanjani ukuthi umuntu uphuza ngendlela engenabuqotho?
Ngabe lowo muntu usephuza kakhulu kunakuqala futhi uphuza nsuku zonke?
Ngabe uyalwa lapho esephuzile?
Ngabe uphuza ngoba enesizungu, ekhathazekile noma ngoba enegcindezi engqondweni?
Ngabe uke wavelelwa yingozi yemoto ngoba ayedakiwe?
Ngabe usevame ukulova emsebenzini ngenxa yebhabhalazi?
Ngabe uchitha isikhathi esiningi otshwaleni kunesikhathi asichitha nomndeni wakhe?
Ngabe kukhona umuntu ake wamshaya ngesikhathi edakiwe?
Ngabe uphuza eqise esilinganisweni afisa ukusiphuza?
Uma enye yezimpendulo zale mibuzo kuwu "Yebo", yazi ukuthi lowo muntu unenkinga yotshwala. Musa ukulinda inkinga ize ibe nkulu kakhulu.
Kusemshadweni kaZinhle. Bonke abangani bakhe bakhona. Kuyaculwa, kuyadanswa futhi kuyaphuzwa. Bheka isithombe esingezansi. Kunezibonelo eziyi-10 eziveza abantu abenza izinto ezingakhombisi ubuqotho lapho umuntu ephuza. Shono lezo zinto. Chaza ukuthi yini okumele bayenze ukukhombisa ukuphuza ngendlela enobuqotho.
Umuntu oyendayo; umuntu oqulekile olele phansi; umuntu ohleli nebhodlela eliwuhhafu phambi kwakhe; umuntu olwayo; umuntu obukeka egula; owesifazane okhulelwe; umuntu oyendela emotweni ephethe ibhodlela ngesandla; umuntu obukeka ekhathazeke kakhulu engqondweni; umuntu ophuzisa omunye utshwala ngenkani; umuntu ophuzisa ingane utshwala.
Uma ufisa ukuthola ulwazi ngokuphuza ngendlela enobuqotho, bheka ikhasi 5 ukuya ekhasini 7.
Ngabe ungumuntu okhombisa ubuqotho nokusebenzisa ingqondo lapho ephuza Phendula le mibuzo engezansi ukuze uthole impendulo. Kungakumangaza okungaphuma kuyona?
Kulowo nalowo mbuzo kwelandelayo, khetha impendulo eyodwa ocabanga ukuthi ichaza kangcono ngawe.
Umenywe ephathini. Uma ufika ephathini uthola ukuthi kuyaphuzwa futhi kuyadanswa.
a Ungabajoyina ube yingxenye yesixuku esibhiyozayo.
b Ungaphuza obhiya ababili kuphela, kwazise usazoshayela uma usuya ekhaya.
c Uzophuza uze uphathwe yinzululwane ngaphambi kokuthi uyeke.
d Awuzuphuza nhlobo.
Bonke abangani bakho sebeqale ukuphuza kanti bayavama ukudakwa. Baphuza phakathi nesonto, emaphathini, ngaphambi komsebenzi kanye nasesikoleni.
a Uyayeka ukubabona. Ukhathele yingcindezi kanti futhi awuzimisele ngokuphuza utshwala.
b Unombono wokuthi kumele uzizwele ngokwakho ukuthi kunjani ukuphuza. Uzoyeka uma usubona ukuthi ukuhlala udakiwe akuyona into oyithandayo.
c Uzophuza udakwe, kwazise umuntu uphila kanye kulo mhlaba.
Usuku lwakho belumatasa kakhulu awangathola sikhathi sokudla. Uzizwa ukhathele kakhulu. Ngabe a Ungaya ekhaya uthole okuya ngasethunjini bese uphuza isilinganiso esisodwa sotshwala ukuze uphumelele kahle.
b Ungaya eshibhini noma endaweni yokuthengisa utshwala eseduze nawe. Uzokwazi ukuphumula masisha uma unento yokuphuza. Ukudla kwakusihlwa uzokuthola sekulungile uma ufika ekhaya kamuva.
c Ungaya ekhaya ufike udle bese usheshe uyalala. Uzitshele ukuthi izinto zizoba ngcono kusasa.
Usemcimbini lapho kuphuzwa khona. Izimenywa zedluliselana amabhodlela kagologo. Wonke umuntu uphuza ngebhodlela.
a Ungathatha ingilazi ngoba ufuna ukwazi ukuthi uphuza kangakanani.
b Ujoyina iphathi uphuze ngalo ibhodlela. Uzitshela ukuthi ibhodlela lingase liphele khona maduze.
c Ungaphuza ebhodleleni bese uzitshela ukuthi ithamo lokugcina.
Uvakashele umngani. Uma ufika uvula ibhodlela likagologo bese ekhipha nobhiya abambalwa.
a Ukuphuza iziphuzo ezimbalwa. Kade vele ulilindele ithuba lokuphuza. Ngemuva kokuphuza uyaye uzizwe ungcono.
b Uzophuza iziphuzo ezimbalwa. Uzoyeka uma usuzwa unenzululwane kanye nengqondo sekungathi iyazula.
c Uzophuza isilinganiso esisodwa noma ezimbili. Awufuni ukuthi ungabe usakwazi ukulawula umzimba nengqondo yakho.
Manje hlanganisa izinombolo ezikubakaki ekugcineni kwezimpendulo ozinikezile bese ubheka ukuthi uthole amaphuzu amangaki.
Ungumuntu ophuza ngendlela enobuqotho. Uyacabanga lapho uphuza kanti futhi uyayazi imiphumela yotshwala. Awuvumi ukuphoqwa ukuba uphuze utshwala.
Kwesinye isikhathi uba nabo ubuqotho lapho uphuza. Ngezinye izikhathi uvele wenze nje ngaphandle kokucabanga. Uyadinga ukuphuza ngendlela enobuqotho futhi ubambelele kuyona. Ungavumeli abangani bakho bakuphoqe ukuba uphuze! Lokho akusoze kukwenze isilomo.
Ungumuntu ophuza budlabha ongazinakekeli. Uphuza kweqe kanti uyathanda ukuba yingxenye yesixuku. Uma uqhubeka nokuphuza kanje, ungazithola uvelelwa zingozi kokunye uzithole ulwa nabantu. Okubi kakhulu wukuthi ukuphuza kwakho utshwala kuzokhinyabeza kabi impilo yakho, kulimaze nengqondo yakho, inhliziyo nesibindi. Kumele uqale ukuphuza ngendlela enobuqotho uma kungenjalo uzame ukubuyeka nje ngokuphelele utshwala!
Ungasisiza yini Dudu?
Sonke sihlala nabantu abanezinkinga zotshwala. Singasiguqula kanjani isimo Siyadinga ukwenza isimo sibe ngcono. Asifuni lo mkhuba wenabele kubantwana bethu?
Luyatholakala usizo kubantu abanenkinga yotshwala. Uma kunomuntu onenkinga yotshwala, cela udokotela noma umhlengikazi emtholampilo wangakini ukuba akunike igama lenhlangano engakusiza. Lolu daba ungaluxoxa futhi nomfundisi. Khetha ukuthi yikuphi okubona kungcono kodwa le nkinga ungayigcini kuwena. Uma uyigcina kuwe angeke ixazululeke!
Asikho isidingo sokuxoxa ngenkinga yotshwala nomuntu ovele odakiwe. Linda kuze kube usesimeni sakhe esejwayelekile. Mtshele lowo muntu ngento ayenzayo nokuthi ibaphazamisa kanjani abanye abantu.
Uma ungaboni mehluko wesimo, kusho ukuthi kumele ucele usizo enhlanganweni esiza abantu abanezinkinga ezinjalo. Ziningi izinhlangano ezikhona.
Biza amaphoyisa uma kunomuntu okushayayo ebe edakiwe. Yazisa umakhelwane ngokwenzekayo ukuze ube nendawo ephephile ozobalekela kuyo uma lokhu kwenzeka. Uma isimo singabi ngcono noma siba sibi ngokwedlulele kungenzeka kudingeke uthole elinye ikhaya ozohlala kulo ngokuphepha wena nomndeni wakho.
UThulani nabangani bakhe basesigabeni sobubhungu kodwa banenkinga yokuphuza. Bakuthola kunzima ukuhlala bengaphuzile. Abangani babo babafakela ingcindezi yokuthi abaphuze. Bayabacwasa ezintweni uma bengaphuzi. Bazithola bengakwazi ukuthi bangenqaba. Singabasiza kanjani?
Ziningi izindlela zokusiza abantu abasha. Indlela engcono ngeyokuqiniseka ukuthi bayayiqonda imiphumela edalwa wukuphuza utshwala. Kumele futhi ubafundise ukuthi bathi "Cha" futhi bangagudluki kulokho.
Lokhu bangakwenza ngezindlela eziningi. Bangahamba babashiye abangani uma bebona bebafakela ingcindezi. Bangaphindaphinda betshela lowo ofuna baphuze ukuthi abafuni ukuphuza utshwala. Udinga ukubekezela kakhulu ngalesi sikhathi. Uma usesigabeni sobubhungu nobutshitshi izinto zinzima kakhulu. Qiniseka ngokuthi bakhululekile ukuthi bangaxoxa nawe ngezinkinga zabo.
Ukuhlola ukuthi lungakanani ulwazi olutholile kuleli bhukwana, gcwalisa isiphicwaphicwano samagama bese uqhathanisa izimpendulo zakho nezibhalwe ezansi nekhasi.
Ngemuva kweyunithi eyodwa inhliziyo yakho ishaya ngokushesha.
Ezingozini eziningi zomgwaqo kwatholakala ukuthi abashayeli basuke bephuze beqa isilinganiso esivunywe ngumthetho.
Utshwala obushisa kakhulu bungakudalela umdlavuza womlomo.
Ngemuva kokuphuza amayunithi amabili uqala ukukhuluma ungathuli.
Musa ukuphuza uma ungadlile.
EZIVUNDLAYO: 1. ngokushesha; 3. indlela oshayela ngayo iba yimbi kakhulu; 6. ukuqhubekela; 8. ezingozini; 10. umdlavuza; 11. ukukhuluma.
EZEHLAYO: 2. ukhulelwe; 3. ababulawa; 4. zodlame; 5. phuza; 7. thothi; 8.
